Ngabe yini izidingo zerejistreshini?
Fakela imali ebekiwe okumele ikhokhelwe ihambisane nesicelo sakho. Umkhandlu uzokurejista ebese ukhipha isitifikedi serejistreshini, uma weneliseka ukuthi unemfundo edingekayo nefanele kanye nesipiliyoni njengoba sibekwe ngoboMkhandlu.
Umphumela wohlolo ngeke waziswa kuze kube ngemuva komhlangano woMkhandlu.
Uma, ngemuva kokusungula koMthethosisekelo weRiphabhuliki yeNingizimu Afrika, 1996, umenzi wesicelo watholakala enecala eRiphabhuliki noma kwenye indawo nakhona agwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu noma ifayini njengendlela yokugwetshwa.
Uma iNkantolo ePhakeme inqume ukuthi umenzi wesicelo unengqondo engathathi kahle noma unezifo zokwengqondo, noma uma efakwe esikhungweni sokusangana kwengqondo ngaphansi komthetho we-Mental Health Act, 1973.
Uma irejistreshini lomuntu lumisiwe ngenxa yesijeziso asinikeziwe ngaphansi kwalo Mthetho.
Uma umuntu ekhishwa esikhundleni sokwethembeka ngenxa yokungaziphathi kahle.
Uma umuntu etholwe yinkantolo njengohluleka ukukhokhela izikweledu nakhona engakabuyiselwa esimeni esihle ngezikweledu , kanti ukuhluleka kwakhe ukukhokha izikweledu kwabangelwa wubudedengu bakhe ekwenzeni umsebenzi owela ngaphansi komkhakha enza isicelo seresjistreshini kuwo.
Umkhandlu uzokwazisa ngokubhala uma isicelo sakho sobhaliso sinqatshelwe.
Ungenza i-aphili ngesinqumo soMkhandlu kungakapheli izinsuku ezingu-30.
Kumele wenze isicelo kuMkhandlu, sokuvuselelwa kwerejistreshini okungenani, kusenezinyanga ezintathu ngaphambi kokuphela kwesikhathi sobhaliso yakho.
Ukufakela imali ngendlela ye-elektroniki kanye nokufakela imali ngokuqonde ngqo: Sicela usebenzise onobumba bokuqala bamagama kanye nesibongo ukuze kwaziwe imali ekhokhwayo ibuya kubani kwisitatimende sebhangi lethu ebese uthumela ubufakazi bokukhokha ngefekisi, kanye nekhasi LOKUQALA lefomu yesicelo kwinombolo ethi: 841 1057.
